- Umlingani wakhe umthumelela imilayezo emsabisayo noma umshayela ucingo njalo uma bengekho ndawonye.
- Uma bebukeka besaba noma benexhasa uma benomlingani wabo.
- Uma umlingani wabo enza kube nomkhawulo kulokho abangakwazi ukufinyelela kuko ngokwezezimali noma ekuthatheni izinqumo zezezimali.
- Uma beyeka ukunakekela izidingo zabo zangokomoya kanye nezangokomzimba.
- Uma bekhombisa izinguquko ngokuphathelene nendlela abayiyo noma ababukeka ngayo.
Ithuluzi lokukala ingozi elilapha ngezansi lizosiza wena noma umuntu omaziyo ukuthi bahlonze ingozi okungenzeka ukuthi babhekene nayo ngokulokhu bexhumene nomhlukumezi. Uma uyisisulu sodlame olwenzeka ekhaya, sicela uphendule ngeqiniso ngokubheka amabhokisi ahambisana nesimo sakho:
- Umhlukumezi usesabise ngokubulala/ukulimaza wena noma umndeni wakho.
- Umhlukumezi wakho usesabise noma washaya emzimbeni wena noma umndeni wakho, noma wahlelela ukuthi kube khona omunye umuntu owenza lokho, nganoma yisiphi isikhali noma insiza eyingozi (isib. umbese, ibhodwe, isibhamu, njill.)
- Umhlukumezi uselimaze noma wabulala isilwane sasekhaya esingumngani noma wesabisa ngokwenzenjalo.
- Wesaba ukuthi umhlukumezi wakho angalimaza ingane yakho engakazalwa noma izingane ezihlala nawe.
- Umhlukumezi wakho usetholakale enecala lokungathobeli umyalelo wenkantolo wokuvikela othile.
- Umhlukumezi wakho uhlale ekuchapha, ebukisa ngawe, ekwenza uzizwe ungelutho noma esola wena ngazo zonke izinkinga zakhe ukuze akuzwise ubuhlungu bangokomoya.
- Umhlukumezi wakho uhlale ekucathamela noma ezokuhlukumeza uqobo, ezingosini zokuxhumana, noma ngokukubhalela okuthile noma i-imeyli noma ahlelele ukuthi kube khona okucathamelayo/noma obheka ukuthi uya kuphi nakuphi.
- Umhlukumezi wakho usecekele phansi impahla yakho isib. waphantshisa amathayi akho noma waphula amafasitela noma iminyango yakho njill.
- Umhlukumezi wakho ulawula ukwazi ukufinyelela kwakho emalini yakho, uthatha imali yakho ngaphandle kwemvume yakho noma uyala ukukuvumela ukuthi usebenze noma uthole iholo.
- Umlingani wakho ekwazi ukufinyelela esibhamini noma ezikhalini eziyingozi.
- Ucabanga ukuthi umhlukumezi wakho unenkinga ngokuphathelene nophuzo oludakayo noma izidakamizwa noma usebenzisa imithi ayithole ngencwadi kadokotela ngendlela engafanele nosekubangele noma okungenzeka kubangele indlela yokuziphatha enodlame.
- Umlingani wakho unomona ngawe, ukhombisa indlela yokuziphatha yokufuna ube naye kuphela noma yokukulawula.
- Umlingani wakho uphume nge-bail noma ngokukhishwa ejele ngoshwele (parole), uke waboshwa noma wakhululwa etilongweni maduze nje ngokuphathelene necala elibandakanya udlame.
- Udlame noma indlela yokuziphatha ngokulawula iya ngokuba mandla.
Thwebula uhlu lokubheka lapha.
Uma iningi lalawa mabhokisi belihambisana nawe, ukwenye futhi ingozi yodlame olwenzeka ekhaya, ukubulawa ekhaya noma ukushona futhi sikukhuthaza ukuthi ufune usizo.
* 2018 Umnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo
Bheka Imibuzo Ebuzwa Isikhathi Esiningi (FAQs) ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.