NgokoMthetho Obhekelela Udlame Olwenzeka Ekhaya No. 116 we-1998:
Uma lezi zinhlobo zokuhlukumeza zenzeka kuwe noma kunoma ubani omaziyo, ungafaka isicelo somyalelo wenkantolo wokuvikela. Umyalelo wenkantolo wokuvikela ngokuphathelene nodlame olwenzeka ekhaya ukhishwa inkantolo futhi uvimbela umhlukumezi ukuthi:
Ukuhlukumeza ngokomzimba kungahlanganisa:
Ukuhlukumeza Ngokomphefumulo, Ngamazwi kanye Nangokomqondo kungahlanganisa:
Ukuhlukumeza Ngokwezezimali kungahlanganisa:
Ukwesabisa kungaba:
Ukuhlupha kungahlanganisa:
Ukucathamela umuntu, isibonelo:
Ukucekela Phansi Impahla kungahlanganisa izenzo:
Ukungena Ngokungemthetho Endlini Yesisulu kungahlanganisa:
Bobabili abesilisa kanye nabesifazane kungenzeka babe necala lalokhu, futhi babe yizisulu zodlame olwenzeka ekhaya.
Umbuzo ongcono owokuthi, “Kungani umhlukumezi ekhatha ukuhlukumeza?” Izisulu zivamise ukukuthola kunzima ukushiya ukuhlukunyezwa ngokomoya, ngokwezezimali, ngokomthetho noma ngokwengcindezi yezenhlalo. Abahlukumezi basebenz akanzima ukugcina izisulu zisobudlelwaneni ngokujwayelekile bazihlukanisa nabanye bese beyazithonya.
2019 POWA (People Opposing Women Abuse), https://www.powa.co.za/POWA/
Ngabe zikhona izimpawu ezikhombisa okuthile ezikhonjiswa abahlukumezi?
Uma uzizwa uyisisulu sodlame olwenzeka ekhaya lwanganoma iluphi uhlobo olushiwo ngenhla, iya eNkantolo kaMantshi yendawo bese ucela ukusizwa ngokuphathelene nokuletha isicelo Somyalelo Wenkatolo Wokuvikela. Unobhala weNkantolo uzokusiza ukugcwalisa amafomu afanele bese ekusa kuMantshi ozobheka ukuthi angakunika noma angekunike yini Umyalelo Wenkantolo. Imininingwane yabahlinzeka ngezinsiza abangakucebisa noma abangakusiza ngokuphathelene nalokhu ihlinzekiwe.
Khumbula ukuthi ezimweni eziphuthuma, le nsiza ithola amahora angama-24 ngosuku.
Unobhala weNkantolo uzokusiza ukuthi ugcwalise amafomu adingekayo bese ekuyisa kuMantshi.
Iya Enkantolo eseduze nalapho uhlala noma usebenza khona. Uma uphoqwe ukuthi ushiye indawo obuhlala kuyo nokungumphumela wodlame futhi uhlale endaweni ethile okwesikhashana, ungaya Enkantolo eseduze nendawo ohlala kuyo okwesikhashana.
Ukushiya ubudlelwane obuhlukumezayo kungabonakala kunzima futhi kuyingozi. Kungenzeka ube nokungabaza noma ukwesaba noma uzizwe kunzima uma ucabanga ukuhamba kodwa cabanga lokhu okulandelayo ngesikhathi uthatha isinqumo sakho:
2019 Women’s Health; www.womenshealth.gov/relationships-and-safety/domestic-violence/leaving-abusive-relationship
Baningi abantu abakusiza ukuthi ucabange ngalokho okuvuleleke kuwena ngokuphathelene nokushiya ubudlelwane obuhlukumezayo ngokuphepha. Kungenzeka kungaphephi ukuthi umlingani wakho azi ukuthi ucabanga ukuhamba. Zama ukukhuluma nabantu abangeke batshele umhlukumezi mayelana nezinhlelo zakho:
2019 Women’s Health; www.womenshealth.gov/relationships-and-safety/domestic-violence/leaving-abusive-relationship
Noma ngabe awuhambi ngaleso sikhathi, ukwenza uhlelo lokuphepha kungakusiza ukuthi wazi ukuthi wenzenjani uma umlingani wakho ekuhlukumeza futhi. Kungakusiza ukuthi ube sewukwazi ukuhamba ngesikhathi usuhamba.
Uhlelo lokuphepha luzokusiza ukuthi uhlale uzilungiselele:
2019 Women’s Health; www.womenshealth.gov/relationships-and-safety/domestic-violence/leaving-abusive-relationship
Uma ushiya umhlukumezi, into ebaluleke kakhulu impilo kanye nokuphepha kwakho kanye nokwezingane zakho. Uma ukwazi ukuhlelela lokhu kusenesikhathi, kungakusiza ukuthi ube nolwazi olubalulekile kuwe, ukwengeza emalini, ezingubeni, emithini, kanye nezinye izinto eziyisisekelo.
Kungenzeka futhi ufune ukuthatha izithombe zanoma iyiphi impahla ebalulekile ekhaya, lokho okungamagugu okudluliselwa ezizukulwaneni emndenini okufana nobucwebe, hamba nakho noma ukubeke endaweni ephephile ngaphambi kokuthi uhambe. Uma nine-akhawunti yasebhange eniyivule ngokuhlanganyela, cabanga ngokuvula i-akhawunti yakho bese ubeka imali kuyo. Noma ngabe imuphi umuntu omdala unelungelo lokuvula i-akhawunti yakhe yasebhange, noma ngabe ushadile noma uthembele komunye umuntu.
Funda kabanzi mayelana nokuqeda ukungakhulunywa ngalokhu.